UBULUNGU
Kuzoba nalezi zigaba ezilandelayo zobulungu:
(1) Ubulungu Obujwayelekile buvuleleke kunoma ubani okungenani oneziqu ze-Onazi Kwezezilimi Zase-Afrika. Ubulungu, kodwa, bungagunyazwa kumuntu ongenazo lezi zidingo, ngokokunquma kweBhodi yeNhlangano noma iKomidi layo Eliphezulu.
(2) Ubulungu Ngokokuhlonishwa bungagunyazwa yiBhodi kumuntu obe negalelo elikhulu emkhakheni naseNhlanganweni.
(3) Ubulungu Bezinkampani buvuleleke kuzo zonke izinkampani. Imali yobulungu izoba ngephindwe kane kweyobulungu obujwayelekile. Ilungu ngalinye eliyinkampani linegunya lokuthola amakhophi amathathu engeziwe ayo yonke imibhalo eshicilelwe ye-ALASA uma kunesicelo. Yonke imibhalo ethunyelwayo kufanele ibhekiswe kumuntu oyedwa omele ubulungu benkampani. Linye kuphela ivoti elizovunyelwa ngobulungu benkampani ngayinye.
(4) Ubulungu Bempilo yonke buyotholakala kulelo lungu elijwayelekile le-ALASA noma kunini, uma likhokhe imali yobulungu yonyaka ephindwe kayishumi nesithupha kweyobulungu.
IBhodi iyonquma izimali zobulungu. Ukukhokhwa kwezimali zobulungu ngokuphelele kuyonika ilungu igunya lokuthola iJenali, futhi lithole neminye imibhalo eshicilelwe yeNhlangano ngenani elinesaphulelo uma kungenzeka.
IBhodi ingabumisa ubulungu banoma yiliphi ilungu ngokumayelana nokungagcinwa kwemithetho yobulungu, isb ukungakhokhwa kwemali yobulungu ngesikhathi.
Ubulungu Obujwayelekile nobokuHlonishwa kanye nobuLungu Obuyizinkampani nobeMpilo yonke bungasebenzisa ilungelo labo lokuvota kukho konke okwenziwa yiNhlangano uma bukhona buqu.