Umthethosisekelo

UBULUNGU

Kuzoba nalezi zigaba ezilandelayo zobulungu:

(1) Ubulungu Obujwayelekile buvuleleke kunoma ubani okungenani oneziqu ze-Onazi Kwezezilimi Zase-Afrika. Ubulungu, kodwa, bungagunyazwa kumuntu ongenazo lezi zidingo, ngokokunquma kweBhodi yeNhlangano noma iKomidi layo Eliphezulu.

(2) Ubulungu Ngokokuhlonishwa bungagunyazwa yiBhodi kumuntu obe negalelo elikhulu emkhakheni naseNhlanganweni.

(3) Ubulungu Bezinkampani buvuleleke kuzo zonke izinkampani.  Imali yobulungu izoba ngephindwe kane kweyobulungu obujwayelekile. Ilungu ngalinye eliyinkampani linegunya lokuthola amakhophi amathathu engeziwe ayo yonke imibhalo eshicilelwe ye-ALASA uma kunesicelo. Yonke imibhalo ethunyelwayo kufanele ibhekiswe kumuntu oyedwa omele ubulungu benkampani. Linye kuphela ivoti elizovunyelwa ngobulungu benkampani ngayinye. 

(4) Ubulungu Bempilo yonke buyotholakala kulelo lungu elijwayelekile le-ALASA noma kunini, uma likhokhe imali yobulungu yonyaka ephindwe kayishumi nesithupha kweyobulungu.

IBhodi iyonquma izimali zobulungu. Ukukhokhwa kwezimali zobulungu ngokuphelele kuyonika ilungu igunya lokuthola iJenali, futhi lithole neminye imibhalo eshicilelwe yeNhlangano ngenani elinesaphulelo uma kungenzeka.

IBhodi ingabumisa ubulungu banoma yiliphi ilungu ngokumayelana nokungagcinwa kwemithetho yobulungu, isb ukungakhokhwa kwemali yobulungu ngesikhathi.

Ubulungu Obujwayelekile nobokuHlonishwa kanye nobuLungu Obuyizinkampani nobeMpilo yonke bungasebenzisa ilungelo labo lokuvota kukho konke okwenziwa yiNhlangano uma bukhona buqu.

IBHODI

(1) Ukulawulwa kweNhlangano kuyoba ngumsebenzi weBhodi ezoba nalawa malungu:

USihlalo

Amanye amalungu akhethiwe ayisishiyagalombili

Amalungu aqokiwe

futhi azomela imikhakha yezezilimi zase-Afrika nezokubhalwa kwazo futhi azoba ngamalungu eNhlangano.

(2) IBhodi izokhethwa emhlanganweni wamalungu jikelele weNhlangano futhi lizosebenza iminyaka emibili.

(3) Amalungu athatha umhlalaphansi ayokwazi ukukhethwa futhi, okungenani isigamu samalungu athatha umhlalaphansi kufanele akhethwe futhi ukuze kuqinisekiswe inqubekelaphambili ngokokusebenza kweBhodi.

(4) USihlalo uyokwazi ukukhethwa amahlandla amabili okusebenza, kodwa uyophinde akwazi ukukhethwa futhi uma sekudlule amahlandla amabili. 

(5) Ikhoramu yomhlangano weBhodi iyoba amalungu angama-50% enani eliphelele lamalungu eBhodi.

(6) IBhodi izoba namandla okudlulisela umsebenzi wayo eKomidini Eliphezulu eliqokwe kumalungu ayo.

(7) IBhodi izoqoka iSekela LikaSihlalo, uNobhala, uMgcinizimali, uMxhumanisi wezinhlelo kanye noMhleli, iSekela likaSihlalo kanye noMxhumanisi bazoqokwa emalungwini eBhodi kanti uNobhala, uMgcinizimali, uMxhumanisi wezinhlelo noMhleli bona bazoqokwa emalungwini eBhodi noma ngaphandle kwayo.

(8) IBhodi iyoba namandla okuqoka abazoba yingxenye yayo ngokomsebenzi wabo.

(9) Imisebenzi yeBhodi kuzoba yilena:

(a) Ukuqinisekisa ukufezwa kwezinhloso zeNhlangano.

(b) Ukubhekelela ezezimali zeNhlangano, okuhlanganisa nokuvulwa kwama-akhawunti aseBhange ngokuyobonakala kuyisidingo, nokugcinwa kwamabhuku ezimali, ukwethulwa kwamabhuku ezimali ahloliwe, njll.

(c) Ukunquma imali yobulungu ekhokhwa yizigaba ezihlukene zamalungu.

(d) Ukubheka imisebenzi yokushicilela yeNhlangano kanye nokuqoka nabasebenzi abenza umsebenzi wowokuhlela.

(e) Ukukhuthaza ukwakhiwa kwezinhlaka zeNhlangano ezisezifundeni.

(f) Ukuhlela nokwenza umsebenzi wezingqungquthela kanye/noma imibuthano yeNhlangano yanoma yiluphi uhlobo.

(g) Ukusebenzisana nokubambisana nezinye izinhlangano zezifundiswa noma zezokufunda ezisemkhakheni wolimi.

(h) Ukuqoka amakomidi angaphansi kweKomidi Eliphezulu uma kunesidingo ukuze kwenziwe umsebenzi weNhlangano.

(i) Ukwakha imithetho eyoqala ukusebenza ngokushesha, ngaphansi kohlaka lwalo Mthethosisekelo. Le mithetho iyokwethulwa emhlanganweni wamalungu jikelele noma okhethekile weNhlangano (obizelwe lolo daba kuphela) ukuze igunyazwe kanye/noma kwenziwe izichibiyelo ezithile.

(10) Zonke izikhalo ezibekwayo ngelungu leBhodi ziyophenywa ngamanye amalungu: uma ngenxa yalolo phenyo, amalungu aphenyayo ekuthola kunesidingo ukwenza lokhu, angabhala isiphakamiso ukuze sethulwe emhlanganweni wamalungu jikelele eNhlangano noma abize umhlangano okhethekile wokuthula lolu daba phambi kwamalungu, umhlangano, ngokubheka leso siphakamiso, uyobe usuthatha isinqumo ngesikhalo ngokubona kwawo.